Kuzoba wumqansa ukuthola izikhala kubafundi abangazifakanga izicelo ehhovisi elibafunela izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme ezahlukene i-Central Applications Office (CAO) njengoba izikhungo eziningi ziqala ngokwamukela abafundi abafake izicelo kuleli hhovisi ngaphambi kokubheka labo abazifikele ngqo.
Ngenxa yokunyuka kwezinga lokuphumelela kwabafundi bakaMatric nyakenye izikhungo zemfundo ephakeme zinengcindezi yokwamukela abafundi abazoqhuba izifundo zabo.
UMnyango weMfundo ePhakeme usucebise abafundi ngokuya nasemakolishi angama-Further Education and Training (FET) uma bengazitholi izikhala emanyuvesi.
Sebeqalile olayini abade ezikhungweni zemfundo abafundi abasuke bezofuna izikhala kuzo. Abanye basuke bengakwazi ukulinda noma sebevele bazifaka kwa-CAO izicelo kodwa baziyela mathupha ezikhungweni ukuze babone ukuthi bayemukelwa yini.
Esinye sezikhungo esiyintandokazi kubafundi eThekwini, iDurban University of Technology, sithole izicelo ezingu-56 754 zabafundi abafuna ukuza kulesi sikhungo kulo nyaka.
Okhulumela lesi sikhungo, uMnuz Bhekani Dlamini, uthe kuzoba khona lapho bemukela abafundi abangazifakanga izicelo kwa-CAO kodwa kuzoba yisibalo esincane, kuye ngokuthi zikhona yini izikhala.
“Sizoqala ngokwamukela bonke abafundi ababhalise kwi-CAO bese kuyima samukela labo abangazange bazifake izicelo kuleli hhovisi. Ngeke sikwazi ukwamukela abafundi uma sesifinyelele emgomweni esiwubekelwe nguMnyango weMfundo ePhakeme.
“Ukubhalisa kuqala ngoJanuwari 17,” kusho uDlamini.
IPhini lika-Registrar: Academic eMangosuthu University of Technology, uDkt Bhelekazi Mhlauli, uthe baqala ngabafundi abasuke bebhalise kwa-CAO futhi labo abakhetha ukufunda eMangosuthu.
Uthe kuyaye kwenziwe zonke izinto bese umfundi ethunyelelwa umqhafazo wokuthi azobhalisa nini. Uma kwenzeka engafiki b athatha kulabo abasohlwini lokulinda.
“Sigxila kwabasuke bebhalise kwi-CAO futhi benze iMangosuthu isikhungo sokuqala. Ungabhalisa ngisho ezikhungweni eziyisithupha ofuna ukufunda kuzona. Kulo nyaka siqale uhlelo lokubathumelela imiqhafazo yokuthi bazobhalisa nini. Sinxusa abafundi ukuthi kuthi uma sesibathumelele imiqhafazo beze ukuzobhalisa noma bengenayo imali. Abeze ukuze sazi ukuthi uzimisele ngokufunda singaze sithathe omunye ngoba simbona engafiki,” kusho uDkt Mhlauli.
Uthe bathole izicelo eziningi nakulo nyaka emikhakheni ehlukene njengakwi-Civil Engineering lapho zingu-5 000, kodwa bancane kakhulu abazobemukela.
Nakwamanye amanyuvesi njengeyaseJohannesburg, kusenohide lolayini lwabafundi abafuna izikhala.
E-University of KwaZulu-Natal bathole izicelo ezingu-59 858 zabafundi abafuna ukuzokwenza unyaka wokuqala.