News

Kuheleza umoya wokuthula entabeni

Nqobile Masimula|Published

Kucace bha ukuthi sekunokuthula ebandleni iNazareth Baptist Church elidume ngelakwaShembe njengoba uhlangothi lwaseBuhleni luluqale kahle uhambo lwalo lwaminyaka yonke lokuyodumisa entabeni iNhlangakazi izolo kanti uhlangothi lwaseKuphakameni lona beludilika njengoba lwalwenyuke kuqala.

Okhulumela uhlangothi lwaseKuphakameni, oluholwa yiNkosi Vukile Shembe, uMnuz Edward Ximba, uthe bahlale kahle entabeni futhi akubanga khona zihibe ngaphandle kokudutshulwa kwenyanga eyazama ukuphuca abaqaphi izibhamu ekhaya eKuphakameni.

Uthe imvula ebina ngamandla beqala uhambo ibaxolelile baze badilika entabeni wathi nenkonzo yezifundo zasentabeni bayenze kahle.

“Babalelwa ku-30 000 abantu abaphumelele uma bengakabalwa abebehamba ngezimoto ezincane njengoba lesi sibalo kungesalabo abafike ngamabhasi,” kusho uXimba.

Uthe mayelana nesigameko sokudutshulwa kwenyanga akukho okusha okusavelile ngaphandle kokuthi kusobala ukuthi umufi wayenezinhloso ezimbi ngokufika kwakhe emzini weNkosi.

“Uma uze emzini wendoda ungayifici kujwayeleke ukuthi uhambe uphinde ubuye, kodwa le nyanga ayikwenzanga lokho. Kunalokho yazama ukudubula abaqaphi kwasiza ukuthi ayikwazi nokusebenzisa isibhamu,” usho kanje.

UXimba uthe kuze kwadingeka ukuthi inkosi ithumele abefundisi bayohlanza umuzi wayo ngokuhlaba inkomo ngaphambi kokuthi inkosi idilike entabeni.

Bekuhambele noNduna-nkulu waKwaZulu-Natal, uDkt Zweli Mkhize, iMeya yaseNdwendwe uKhansela Sthembiso Kubheka, neyaKwaDukuza uKhansela Thulani Khuluse bezokwamukela uphiko lwaseKuphakameni ekubuyeni kwalo entabeni.

Kuheleza umoya wokuthula entabeni