News

‘Ayikokoteliwe imiphumela kaMatric’

Mhlengi Shangase|Published

Ungqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, othi imiphumela kaMatric yango-2010 enyukile ayikhishwanga nguyena kodwa ngochwepheshe abasezingeni abayikhiphile. Isithombe: Dumisani Sibeko Ungqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, othi imiphumela kaMatric yango-2010 enyukile ayikhishwanga nguyena kodwa ngochwepheshe abasezingeni abayikhiphile. Isithombe: Dumisani Sibeko

Ungqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, useqinisekise ukuthi imiphumela kaMatric esisuse umsindo isezingeni futhi ayizange “ikokotelwe”.

UNkk Motshekga usho kanje emuva kokushaya amakhala kongoti bezemfundo mayelana nokunyuka ngo-7.2% kwezinga lokuphasa kukaMatric elibe ngu-67.8% ezweni lonke lisuka ku-60.6% ngo-2009. Izinga linyuke nasezifundazweni.

Ukunyuka ngale ndlela kwale miphumela sekwenze neHuman Sciences Research Council yajuba uphenyo kuleli sonto ukubheka izingabunjalo lale miphumela.

Lolu phenyo luzoholwa nguDkt Joseph Kivilu.

“Imiphumela ka-2010 isezingeni. Akuyona ekhishwe nguMotshekga kodwa ikhishwe ngochwepheshe bezibalo. Le miphumela yizibalo eziqondile futhi sisazoqhubeka nokuzithuthukisa,” kusho uNkk Motshekga.

Ukusho lokhu ekhuluma emgubhweni weminyaka engu-99 kwasungulwa uKhongolose ePolokwane, eLimpopo.

Ungoti wezemfundo, uMnuz Graeme Bloch, uthe noma ebengalindele ukuthi imiphumela inganyuka kanje kodwa akasoli ukuthi kube nokukokotelwa kwayo.

Uthe uyawuthemba Umalusi, okuwuhlaka oluqinisekisa ukuthi imiphumela isezingeni ngoba isuke iqashwe ngelokhozi.

“Angicabangi ukuthi kuke kwaba khona ukuthintwa kwemiphumela futhi ayikho nemibiko ekhomba ukuthi kukhona okushaya amanzi ngayo ,” kusho uBloch.

Umalusi awuzange ufune ukudalula izifundo eziyishumi lapho wangenelela khona wachibiyela amamaki ngokwenyusa noma ukwehlisa ezifundweni ezithile ngoba uthi lolu hlelo lusuke luyimfihlo.

Isikhulu esiphezulu sikaMalusi uDkt Mafu Rakometsi uthe into eyenza ukuthi bangazidaluli izifundo ngukuthi kusuke kuwuhlelo oluyimfihlo.

Uthe ukudalula lezo zifundo kungenza abafundi bazibone bengaphumelelanga ngendlela kuzona wathi ukufihla izifundo kusuke kuvikelwa abafundi nohlelo lwezemfundo.

“Siyabemukela abantu abasuka ezinhlakeni ezifana ne-South African Qualifications Authority, Higher Education South Africa nezinyunyana zothisha ukuthi zibe khona uma sekwenziwa lolu hlelo,” kusho uRakometsi.