UMnyango weMfundo eyisiSekelo uthi yonke into isimi ngomumo ngemiphumela kaMatric. UMnyango weMfundo eyisiSekelo uthi yonke into isimi ngomumo ngemiphumela kaMatric.
N JENGOBA selidumela emasumpeni ngemiphumela kaMatric, uMnyango weMfundo eyisiSekelo uthi yonke into isimo ngomumo. Uthi akukho okuzovimba ukukhishwa kwale miphumela kusasa.
Isolezwe lizokhipha ushicilelo oluyisipesheli kusasa oluzobe luqukethe yonke imiphumela yesifundazwe oluzotholakala kusukela ngo-6 ekuseni.
UMqondisi wezivivinyo kulo Mnyango, uDkt Nkosinathi Sishi, uthe yonke into isimi ngomumo. Uthe sebelinde olungaliyo kubafundi kusasa.
“Yonke into imi ngomumo. Akukho zithiyo esizilindele mayelana nokukhipha le miphumela elindwe nguwonke wonke. Noma zikhona ezinye izindlela zokuthola imiphumela kodwa sinxusa abafundi ukuthi balande imiphumela yabo ezikoleni ngoLwesine ukuze bachazeleke ngezinye izinto okungenzeka ukuthi zibe khona emiphumeleni yabo,” kusho uSishi.
Uthe ezikoleni izoba khona kusuka ngo-8 ekuseni emuva kokuba uNgqongqoshe walo Mnyango, uNkk Angie Motshekga, eseyithulele izwe.
Uthe othisha bazosiza kakhulu abafundi abazolanda imiphumela babachazele ngezinto ezithile uma kukhona okushodayo.
“Uthola ukuthi kuzoba mhlawumbe nephutha elithile kukhona amamaki angafakiwe, okungasho ukuthi umfundi ufeyilile, bese uthisha emchazela ukuthi leyo nkinga izolungiswa kanjani. Uma kungukuthi imiphumela uyithola kwezinye izindawo uzomane acabange ukuthi usifeyilile leso sifundo. Yingakho sithi abayilande ezikoleni,” kusho uSishi.
Ebuzwa ngesikhalazo sothishanhloko sokuthi kulo nyaka abazange bayoyibheka imiphumela ingakagaywa, uSishi uthe bekuba nezikhalazo kwabanye othishanhloko abebengabizwa abebekhala ngokushiywa ngaphandle.
“Ngenxa yokuthi baningi kakhulu othishanhloko besingababizi abanye ukuthi bazobheka imiphumela kuye abambalwa obekwenza labo abasalile bakhale ngokuthi kukhethwa iphela emasini ngoba bona ababizwa. Sibe sesithatha isinqumo sokuthi imiphumela siyinike inhloko yoMnyango esifundazweni okuyiyo enquma ukuthi izoyitshengisa bani leyo miphumela,” kuqhuba uSishi.
n Ungaphuthelwa yi Solezwe lakusasa njengoba lizoyishicilela yonke imiphumela kaMatric yesifundazwe.