UMPHAKATHI waseNdwedwe eMolokohlo ubhikisha ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseNdwedwe lapho kuvele uMnuz Sabelo Cele osolwa noyise uMnuz Enock Cele ngecala lokubulala uMnuz Nkosikhona Vilakazi ngonyaka odlule. Zimbili Vilakazi
UMPHAKATHI waseNdwedwe eMolokohlo ubhikisha ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseNdwedwe lapho kuvele uMnuz Sabelo Cele osolwa noyise uMnuz Enock Cele ngecala lokubulala uMnuz Nkosikhona Vilakazi ngonyaka odlule.
Umufi owayegcine ukubonwa ephila ngoJulayi 2024, watholwa esefile ethoyilethi lomgodi ekhaya labasolwa ngasekuphelani kuka-Agasti 2024, kulandela ukuthi umphakathi ubambisene namaphoyisa umthungatha. Kubikwa ukuthi abasolwa yibona abakhomba lapho abaphosa khona isidumbu maqede bawisa izindonga zalo ithoyilethi, ngenhloso yokusifihla.
Bekulindeleke ukuthi uSabelo afake isicelo sebheyili, ekhona noma engekho uyise, osekuvele izikhawu eziningana zokuthi akakwazi ukuza enkantolo ngenxa yokuxinwa ukugula ngaphakathi ejele. Nokho ubuye washintsha umqondo uSabelo, wathi ngeke esasifaka.
Related Topics: