Ubuholi bakahulumeni KwaZulu-Natal nobamaphoyisa emkhankasweni wokulwa nobugebengu esifindazweni isithombe: Zimbili Vilakazi
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ephelezelwa uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi babize imbizo yokubhunga ngobugebengu ehholo lomphakathi eMaoti, eNanda, namuhla.
Lokhu kuza emva kokwanda kwezehlo zobugebengu obubucayi kule ndawo. Kubona kukhona obokubulawa kwabantu, ukudlwengulwa kwabesifazane nangokubanjwa kwabantu inkunzi.
Emasontweni ambalwa edlule, kubikwa ukuthi amalungu omphakathi adiniwe, aze azithathela umthetho ngezandla, ahlahlela ngocelemba abayisihlanu ababesolwa ngokuhlalisa lubhojozi umphakathi.
Le mbizo yandulela umhlangano wezinsuku ezimbili obungempelasonto lapho uNtuli nobuholi obuphezulu bezinhlaka ezilwa nobugebengu bebuvalelene emahhovisi oMnyango weMisebenzi yoMphakathi eMayville, ukudingida ngabo ubugebengu.
Related Topics: