Amaqembu asethembe abakhongi ezingxoxweni

Khethukuthula Sangweni|Published

BAPHAKIWE abakhongi bamaqembu ezepolitiki abayowamela ezingxoxweni zokubumba uhulumeni wokubambisana ngoba kalikho iqembu elinqobe ngengcaca. isithombe: Itumeleng English/ Independent Newspapers

BAPHAKIWE abakhongi bamaqembu ezepolitiki abayowamela ezingxoxweni zokubumba uhulumeni wokubambisana ngoba kalikho iqembu elinqobe ngengcaca.

Izwe libuya okhethweni lulazwelonke olunzima lapho bezidlana imilalala kubangwa amavoti. I-ANC yehlulekile wukuthola isibalo samavoti esanele ukuze ibuyele emandleni elokhu yawathatha ngo-1994.

Isimo esikhona siphoqa ukuthi kuxoxiswane ukuze kubunjwe uhululumeni ngoba emasontweni amabili azayo kufanele kuhlale iPhalamende. Amaqembu asekhethe abakhongi bawo abazowamela ezingxoxweni ukuze kuphunywe nesisombululo.

I-DA imemezele ithimba layo elinoNkk Helen Zille, Mnuz Ivan Meyer, uMnuz Alan Winde noMnuz Tony Leon. UNkk Zille unguSihalo wesigungu esiphezulu kwi-DA kanti uke waba ngumholi wayo phambilini.

UMeyer unguSihlalo womkhandlu wobuholi kwi-DA naso okuyisikhundla esinamandla. UMnuz Winde unguNdunankulu waseWestern Cape. uLeon uke waba wumholi we-DA phambilini futhi uthathwa njengengwevu yeqembu.

I-ANC imemezele ukuthi ithimba layo liholwa nguNobhala-Jikelele uMnuz Fikile Mbalula, ohambisana nabathile abangadalulwanga.

I-IFP imemezele ukuthi ithimba layo liholwa yiPhini likaMengameli inkosi uMzamo Buthelezi. Ngaphandle kokuba yiPhini likaMengameli, inkosi uButhelezi iyilungu lePhalamende elimele i-IFP.

Okhulumela i-IFP kuzwelonke uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthe ithimba liholwa yinkosi uButhelezi akafunanga ukubadalula abanye.

Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthe bami ngomumo ukuxoxa namaqembu afisa ukusebenzisana nabo. Ngokwamavoti yi-ANC ehleli phezulu nakuba ishoda, ilandelwe yi-DA, endaweni yesithathu kukhona iMK evumbuke yadla abantu.

Endaweni yesine kukhona i-EFF, bese kuthi i-IFP isendaweni yesihlanu.