UYAGONYULUKA umculi we-Afro pop uMakhosazana ‘Azana’ Masango, ngokuhlanyiswa yinsangu.
Le ntokazi edume ngengoma ethi Your Love, eyibika lohlelo iThando Nesithembu, ibikhuluma ohlelweni lwepodcast.
Ephendula kwiPodcast and Chill with MacG, u-Azana (22) , uthe wazama ukubhema umthunzi wezinkukhu kudala esenza uGrade 10.
Uphawule kanje: "Yangihlanyisa, ngaphenduka uhlanya. Ngiyakuzonda ukungakwazi ukulawula impilo yami. Ngayinyanya kakhulu. Angazi ngazizwa kanjani," kuhlambuluka umculi waseChesterville.
U-Azana wake waqokwa nakwiTop 10 yoKhozi FM yezingoma zokuhlukanisa unyaka ngethi, Your Love. Uthe akasayibhemi insangu ngoba useyayesaba. "Angiyithandi. Angiyibhemi insangu ngoba angiyithokozelanga. Mmmmmmm Iyangisabisa nje."
Uthe usesaba kwasani eyizidakamizwa emuva kokugilwa yinsangu. U-Azana uthe ubuye abe ngumshayisibhakela ngenxa yokuthi umdlalo uyamsiza uma kunobuhlungu abuzwayo enhliziyweni, obunye obusuke budalwe ukungahambi kahle komjolo asuke ekuwo.
"Umdlalo wamankomane ungawusebenzisa uma ufuna ukulolonga umzimba." Uthe akasakukhonzile ukulwa, kunalokho uvele aphume ebudlelwaneni abekubo naloyo muntu asuke exabana naye.
Uthe uzokhipha i-albhamu entsha ngo-Okthoba 27, ethi Igagu negabe ngemici ethi Shonamalanga, EGoli, Awusasho, Sifanelene, Never The Same nethi Amaphiko Ezono. U-Azana waqala ukuzakhela udumo nge-albhamu ayikhipha ngo-2020, ethi Ingoma eyaqokwa kuma-27th South African Music Awards, emkhakheni weBest Afro Pop Album nakoweNewcomer of the Year. Akugcinanga lapho kodwa wabuye wapikwa eqoqweni lezingoma zePlatoon elisihloko sithi African Lullabies Part 1 ngo-2021.
Related Topics: