ULEERA Mthethwa, uzobonakala emdlalweni wethelevishini esiteshini , iBET Isithombe:FACEBOOK
UMLINGISI odlala indawo kaJackie Hlongwane kwiGomora, uLeera Mthethwa, ungomunye wabazojoyina umdlalo okhuza ibuya kwithelevishini iMTV Shuga Down South.
ULeera, uzolingisa indawo yomhlengikazi uKeitu, kanti banye abajoyinile nguNimrod Nkosi (Blessing), Seiphemo Motswiri (Robert Mosimane), Thuli Thabethe (Nomazizi Mkhize), Josias Molele (umqeqeshi uSono), noLerato Mvelase (Mam' Grace).
Umqondisi weMTV Staying Alive Foundation, uTshireletso Yvonne Diego, uthe bajabule kakhulu ngokwethula abalingisi abasha. Uthe ikhono labo lizophaphamisa lomdlalo okhuluma ngezehlakalo ezenzeka entsheni yakuleli.
"Sesilinde kabi ukubona ababukeli bezitika ngeziqephu zomdlalo." Imenenja jikelele yeBET International, uMonde Twala, ithe bajabule ngokubuyisa enye isizini yeMTV Shuga Down South.
"Lo mdlalo owuchungechunge uyizwi elinamandla labantu abasha base-Afrika futhi udingida izindaba ezibathintayo."
Uthe lomdlalo usemqoka ngoba udingida ngezindaba zakuleli futhi unikeza intsha ukuba ikhulume ngezihloko ezithintayo," kusho uMonde. Abanye abalingisi abasha abazobonakala kulo mdlalo ngoZazi Kunene, Ziya Xulu, Tyson Mathonsi, Ayakha Ntunja, Ayanda Nzimande, Lobisa Tsatsi, Alex Aduka, Palesa Mothipi, Chidera Nwoba noNaret Loots.
*I-MTV Shuga izoqala ukukhonjiswa kwiDStv Channel 129 kusukela ngoJuni 27 kulo nyaka ngoMgqibelo ngo-9, nango-8 ngeSonto.
Related Topics: