UNOKWAZI Ndwandwe ehalaliselwa wuQaphile KaMahlangu Putsoane emuva kokuhlabana ngesicoco sikaMiss Environment International eMumbai, e-India Isithombe:SITHUNYELWE
ISIMOMONDIYA saseMtubatuba, uNokwazi Ndwandwe, sikhale semuka nesicoco sikaMiss Environment International-Afrika, eMumbai, e-India ngoLwesine. UNokwazi (26), wasendaweni yaKwaMtholo, uhlwithe lomklomelo kwiziphalaphala eziyisishiyagalombili ebezimele amazwe ase-Afrika.
Lesi singqazu sithe lomklomelo usemqoka kakhulu kuso njengoba usondele kakhulu enhliyweni yaso. "Ukumela izwe nezwekazi lethu elicebile kungumusa. Sengikujahe kabi ukuqhuba izinhlelo zokunakekela imvelo ezwenikazi lethu. Uhlelo oluseqhulwini kimi ukuqala ngokuvakashela izinhlelo zezemvelo zamazwe okudabuka lezi zindlovukazi ebengibanga nazo lesi sicoco. Bese ngisebenzisana nezinhlangano ezizimele nezihlukahlukene ukuqinisekisa ukuthi kuyaqwashiswa ngokunakekelwa kwemvelo emiphakathini."
UNokwazi uthe bekunzima njengoba ebeqhudelana nonobuhle abadabuka e-Afrika kodwa ngomusa kwaphumelela yena. Ubonge kakhulu umndeni wakhe ngokumeseka. "I-Icora FM ngokunginikeza lengqayizivele yethuba lokumela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni osezingeni lomhlaba. I-Precious LULU Couture ngokuqinisekisa ukuthi ngibukeka kahle futhi ngibumela kahle ubuhle bezwe lami ngemiswenko yakhe emihle. Ngibonge noNksz Zakithi Buthelezi ngokuqinisekisa ukuthi ngiyafinyelela e-India nakuMnuz Phila Dittrich ngokungixhasa nakubantu baseNingizimu Afrika ngokuwa bevuka nami."
UNokwazi ukhethwe ukuba amele iNingizimu Afrika kulo mncintiswano wamazwe ngamazwe emuva kokunqoba isicoco sikaMiss Icora FM,eRichards Bay nyakenye.
"Ngangingacabangi ukuthi ukuphumelela kwami kwakuzongibeka ezingeni lomhlaba. Njengentokazi edabuka endaweni yasemakhaya, lokhu kusho ukuthi nanoma yimaphi amaphupho angafezeka uma uzinikele kokwenzayo.
Imvelaphi yakho nesimo okhulele ngaphansi kwaso akusoze kwakuvimba kolangazelela ukuba yikho."
UNokwazi uthe ucabanga ukuthi lengqayizivele yethuba alitholile izokhuthaza intsha yaseNingizimu Afrika ukuba ikubhukulele ekufunayo empilweni. "Uma unogqozi nofuqufuqu ungafinyelela nakunoma yisiphi isicongo ozimisele ngokufinyelela kuso. Okufanele ukwenze ukuba uzisondeze kubantu abafanele futhi ungakulibali ukukhombisa inhlonipho nozwelo kwabanye." UNokwazi uthe lo mqhudelwano kazime wenzeke ngesikhathi esikahle njengoba kugujwa inyanga yabantu abasha eNingizimu Afrika.
Related Topics: