UMDLALI weBanyana Banyana, u-Amogelang Motau, egadulisana noweMalawi, uVanessa Chikupira emdlalweni wobungani eLucas Moripe Stadium.
Image: BACKPAGEPIX
Banyana Banyana (0) 2
Malawi (0) 1
IBanyana Banyana ibuye isilandela ngemuva esiwombeni sesibili yanqoba iMalawi ngo 2-1 emdlalweni wesibili wobungani obuseLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoLwesibili ntambama.
IScorchers igadle kuqala ngegoli likaVanessa Chakupira maphakathi nesiwombe sesibili, iBanyana yanqoba ngamagoli kaHildah Magaia no-Amogelang Motau.
Iqembu lika Desiree Ellis belihlose ukuqhubeka lapho ligcine khona ngesikhathi linqoba iMalawi ngo 3-0 kowokuqala obuse-UJ Stadium, eSoweto ngoMgqibelo.
U-Ellis wenze izinguquko eziyisikhombisa kulo mdlalo, okwenze iBanyana ithathe isikhathi ukuthi ihlangane, kanti iMalawii ibiyenze izinguquko ezimbili.
Izivakashi zicishe zahamba phambili ngomzuzu wokuqala ngesikhathi uChikupira ezuma unozinti uKaylin Swart ngeshodi eqhamuka kwesokunxele, kwalamula i-crossbar.
Umgadli weBanyana ogijia eqenjini laseDemocratic Republic of Congo, uKgaelebane Mohlakoana, naye uchayiswe yi-crossbar eczema inhlanhla elude maphakathi nesiwombe sokuqala.
Igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-58 ngesikhathi unozinti nezitobha zeBanyana behluleka ukukhipha ibhola ebeliqhamuka kwikhona, uChakupira walingqomfela phakathi.
IBanyana nayo iphendule ngekhona eshaywe nguGabriela Salagado ngomzuzu ka-76. UMercy Sikelo ulichithele ezinyaweni zikaMagaia ibhola, walibeka enethini.
Kuthe sekubukeka sengathi imdlalo uzohela zibambane u-Amogelang Motau washayela elakuleli igoli lokunqoba nge-freekick ayizwe ngendaba unozinti weMalawi.
Emdlalweni wokuqala kwavaleliswa uNoko Matlou, oqede esedlale imidlalo engu-174 eqenjini lesizwe. Kulo mdlalo wesibili kuvaleliswe omunye umakadebona, uNompumelelo Nyandeni, ohlanganise imidlalo engu-150.
Related Topics: